Somlomo, mhlonishwa Mongameli, angizukukhuluma ngabakhwenyana.[Uhleko.] Angikhulumi futhi ngalaba abasemthethweni, ngikhuluma ngalaba abahamba ngaphansi kocingo abangafanele ukuba lapha futhi okubonakala laphaya kwezinye izindawo kuthiwa bathatha izindlu zabanye abantu. Lobudlelwane okhuluma ngabo othi buholwa nguNyambose, ikomidi eliholwa nguNgqongqoshe WamaPhoyisa lifinyelela nini kulaba ukuze bakwazi ukuphindela kubo? Phela ngoba kukhona abakithi nathi abaswele abangaphakathi okudingeka bakwazi ukucosha lokhu kwalapha eNingizimu Afrika.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, ngibonga ilungu elihloniphekile lesishayamthetho, lokhu engikhulume ngakho okuzobhekwa ngqo yikomidi eliphethwe nguNyambose, libhekene kanye nabo labo abahubuluza ngaphansi kocingo, abangekho emthethweni. Yibona labo esifuna ukuba sithole indlela ukuthi labo bantu uma betholakala babuyiselwe emakubo, hhayi ukuthi kuzobe kuqalwa yinto esiyenza ngqo ukuthi uma betholakala bayathathwa babuyiselwe emakubo. Sinendawo lapho ba gcinwa khona ukuthi uma sebetholakele bagcinwe khona bese beyagoduswa.
Sikhuluma ngalabo esithi kufanele ukuthi ingalo yomthetho ifikelele kubona. Uma sekutholakele umuntu kuyaye kutholakale ukuthi njengoba echushe phansi kocingo ukusiphi isimo na. Nabo labo abachusha phansi kocingo bakhona abachusha ngoba bexoshwa yisimo sezombangazwe emazweni abo. Siphoqelelwa ngumthetho kazwelonke ukuthi abanjalo singababuyiseli emuva, sibanikeze ilungelo lokuthi bavikeleke njengababaleki ababalekele ezombusazwe noma ngabe bahubuluze ngaphansi kocingo. Phela uma ngabe umuntu ebaleka kwelakubo ngoba kukubi, isinyathela amasimba abantwana[Uhleko.]akakwazi ukuthi abeseyocela futhi kuye lowo hulumeni i-passport yokuhamba. Ngeke akwazi ukuyithola,uyangena ahubuluze. Kulowo msebenzi esimthola ukuthi ungena nje engenaso isizathu lowo simbuyisela emuva.
Leli komidi njengoba sengishilo lizohlangana libuke umbiko lo oye walethwa kuhulumeni ezinye izakhiwo bese lenza izinhlelo zokuthi lizoqhuba kanjani ukusebenza nokuthi lilwisane nalokhu. Okuyinkinga njengoba usho sekuyezwakala ukuthi abanye babo bathatha izindlu zona lezi okufanele ngabe zithathwa yilabo abantulayo abalapha ngaphakathi. Yikho konke lokho-ke okuzobhekwa bese kuyalungiswa, lungu elihloniphekile. Ngiyabonga, Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Hon Speaker, hon President, I am not going to talk about sons-in-law. [Laughter.] I am also not talking about the legal ones. I am talking about the ones who crawl under the fence who are not supposed to be here - the ones who are said to be occupying other people's houses in certain areas. This co-operation you are talking about, that is said to be led by Nyambose, when will this committee that is led by the Minister of Police get to these people so that they can go back home? Because there are some of our people, who are also poor, who have to have a stake in what belongs to South Africa.