Somlomo, Mhlonishwa Mongameli uma ngabe kone liphi elinye iphoyisa noma-ke ngubani omunye othintekayo emaphoyiseni, siye sizwe ngakusasa sekuthiwa usenqunyiwe emsebenzini ngoba kusenziwa uphenyo.
Maningi amacala asenzekile engingawasho kodwa nje ngeke ngikuchithele isikhathi angizukuwasho. Lapho amaphoyisa noma abathintekayo kutholakala ukuthi kufuneka bayohlala ekhaya ngoba kusaphenywa; kwenzekani kulokhu Mongameli? Ngiyabonga Somlomo.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI: Ngiyabonga Somlomo, ngilibonge nelungu elihloniphekile ngombuzo walo. UBab' uGatsheni ngenkathi ebuza umbuzo wakhe uthe uma kutholakala abonileyo, abathintekayo emaphoyiseni, ngamanye amagama abenze amacala. Kuye kuthathwe izinyathelo ezisheshayo yini?.
Ngicabanga ukuthi lapha ukhuluma ngodaba lapho kube khona uphenyo luphenywa nguMvikeli Womphakathi, ngemuva kokuthi kube khona obeke isikhalo. Wathi uyasola ukuthi kukhona okungahambanga kahle lapha, akashongo ukuthi umphenyi makaphenye nangu lo usenze icala. Umehluko ulapho-ke.
Uyaphenya-ke umphenyi. [Uhleko.] Uma esefika ekugcineni, eseyiphothula indima yakhe, usethi uthola ukuthi sengathi kukhona okungahambanga kahle. Usethula umbiko okufanele ukuba awethule kuhulumeni. Yiwona lona esixoxa ngawo ukuthi kwenzekani ngawo manje. Akufani-ke, Boya beNyathi, nokuthi kukhona owonile njengomuntu owenze icala, okufanele ukuthi ahlehliswe, kwehlukile lokhu.
Kube khona osolile, wase ethi akuphenywe, kwaphenywa. Kwathi uma sekuphothulwa umbiko, umbiko wase ubonisa ukuthi sengathi kukhona okungahambanga kahle, uthulwa kulabo abafanele okuyibona okufanele bathathe isinqumo. Umehluko ulapho Gatsheni. Yingakho-ke kulokhu kungathathwanga izinyathelo ezifana nalezi ezithathelwe abanye. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, hon President, if one police officer or any other person working in the Police Service has done something wrong, the following day we hear that that particular person is suspended from work while he or she is being investigated.
There are many cases that have occurred which I could count but won't because I don't intend to waste your time. What happened, President, to the suspension of members in respect of them being asked to stay home while investigations take place? Thank you, Speaker.