Somlomo, ngiyabonga Mongameli, umbiko woMvikeli Womphakathi wethuliwe ezithebeni zakule Ndlu yesiShayamthetho. USomlomo wale Ndlu ube esewudlulisela emakomidini amabili, elamaphoyisa nelemisebenzi yabantu. Nawo-ke la makomidi abengakaqali ukuyibuka le ndaba.
Ngiyacabanga ukuthi kungaba wubuchule uma ngabe uMongameli ekuvuma lokhu engikushoyo ngokubona kwakhe ukuthi silinde, sibuke lesi Shayamthetho ukuthi sithini ngale ndaba? Angazi noma ngabe uMongameli uyibuka kanjalo, mina bengicabanga lokho. Ngiyabonga. [Ihlombe.]
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI: Ngiyabonga Somlomo, vele lungu elihloniphekile izinto zihanjiswa kanjalo. Njengoba nje le Ndlu yesiShayamthetho nayo iwamukelile umbiko, ngeke nje ivele ithi iwumukela ibe isikhipha isinqumo. Kufanele ukuba iqale iwubheke bese iwucubungule bese ithola amaqiniso kahle hle. Ithi-ke uma isiwatholile bese ithatha isinqumo ukuthi ifuna ukuthini.
Uma isivumelene ngale ndaba njengoba isisemakomidini nje, ibese ithi, iwubukile umbiko nakhu-ke ekutholile. Nabanye batsho ukuthi babona kufanele sibe njani isiphetho sale ndaba. Hawu! kanti nePhalamende lakho lisawuphethe lo mbiko? Bengithi ngingedwa. Kanti nani nisawuphethe? [Uhleko.] Nikhala ngani pho? Kwenziwa njalo lunga elihloniphekile ngivumela nawe kakhulu, siyavuma. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mrs L S CHIKUNGA: Speaker - thank you, President - the report of the Public Protector was presented before this National Assembly. The Speaker of this House then sent it to the two committees, the one on Police and the other on Public Works. These committees have yet to look at the report.
I think it would be wise if the President agrees with what I propose; that we wait to hear what the National Assembly says about this matter. I don't know if the President's take on this matter is the same as mine. Thank you. [Applause.]