Sekela Somlomo neNdlu ehloniphekile, okokuqala, kufuneka ngithokoze ukuthi umhlonishwa uNgqongqoshe, ukwazile ukuthi azoma lapha azokhuluma ngombiko esingakawucoshi. Kodwa ngoba useshilo ukuthi sizowucosha umbiko ngoba usawudlulisele kuMongameli. Ngiyethemba ukuthi sizowucosha masishane.
Okwesibili, lo mbiko sekukhulunywe kakhulu ngawo, kube kukhuluma abantu abangakaze bawubone. Mina angikaze ngawubona-ke, angifuni ukukhuluma ngento engingakaze ngiyibone.[Ihlombe.] Manje mhlawumbe Somlomo bekungakuhle ukuthi ngelinye ilanga sike sixoxe ngalo mbiko uma sengiwubonile nami, ngoba lokukhuluma lokhu sekwenze ukuthi kube khona umugqa phakathi kukaKhongolose nabe-DA [Uhleko.] bese kuba ngathithi abaphakathi nendawo bakhuluma ngoba bengazi ukuthi bafuna ukuthini.
Kanti okuseqinisweni kukhona la kuthiwa ngokomthetho ungakhulumi ngento ongazange uyibone. Manje bengicela Somlomo, ukuthi lo mbiko njengoba uzothulwa la namhlanje, kusewumlomo nje kaNgqongqoshe. Siyawufuna umbiko uzothulwa ngokusemthethweni ukuze sikwazi ukuxoxa ngawo sesiwufundile. Kulapho-ke la sizokhuluma khona. Angithokoze.[Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Mr V B NLDOVU: Deputy Speaker and this august House, firstly, I am grateful that the hon Minister managed to come here and speak about the report we have not received yet. But because she said we will be getting the report, as she had forwarded it to the President, I believe we will receive it soon.
Secondly, a lot has been said about this report by the people who have not seen it. I have not seen it; I do not want to talk about something that I have not seen. [Applause.] Speaker, it might be better for us to debate this report some other time once we have received it, because these talks have caused a division between the ANC and the DA [Laughter.] which makes those who are in between look like they do not know what they want to say.
In actual fact, by law one should not talk about something one did not see. My request, Speaker, is that since this report is going to be verbally delivered here today by the Minister, we want the report to be formally delivered so that we can debate it after we have read it. Then we can talk. Thank you. [Applause.]]