Speaker ...
... Mhlonishwa Mongameli, kuyiqiniso ukuthi umzabalazo wethu abanye bawubiza ngokuthi umzabalazo womhlaba wonke "internationalised". Endleleni yokulwela inkululeko sahamba sicoshacosha imithetho yobuqotho "values" neyokuziphatha "morals". Okunye okungokwethu sakulahla kangangokuthi ezinye zezinto eziwubu-Afrika uma uzihlanganisa nezinto zaseNtshonalanga kubasengathi ubugebengu.
Njengokuthi nje uma uNxamalala edlula KwaPhindangene, bese kuthi inkosi yakwaButhelezi imhlabise imvu, yisintu leso kithi. Kodwa ngokwemithetho yobuqotho yaseNtshonalanga, sekufanele umemezele, ubike ngoba kuzobakhona ukusoleka, kubesengathi kukhona okunuka santungwana.
Siyazibuza-ke ukuthi kule nkulumompikiswano yokuvuselelwa kwezimilo kukhona yini esizokucosha okuyimithetho yobuqotho neyokuziphatha ezokwazi ukuthatha okwase-Afrika, ngoba phela singama-Afrika asibona abantu baseNtshonalanga. Sizithola sisenkingeni nje ngoba ezinye zezindlela esiqhuba ngayo izinto akuzona ezalapha ekhaya kodwa sizebolekile. Ngiyathokoza (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... hon President, it is true that our struggle for freedom is a struggle of the whole world and is referred to by others as an internationalised struggle. Whilst we were in the struggle for freedom, we adopted some ways of life, namely values and morals. And in the process we discarded some of our values in the sense that if you bring together some of our African values and Western ones, the results become criminalised.
For example, if Nxamalala pays a visit to the KwaPhindangene household, and then the iNkosi of the Buthelezi clan slaughters a sheep as a welcome gesture, to us that is humanity. However, according to Western values, this should be declared in public because there will be some suspicions as if there is something fishy about it.
Therefore, we ask ourselves whether, in this debate on moral regeneration, there might be any values or morals which we can adapt to those of African origin, because we are, in fact, Africans and not Western people. We find ourselves in trouble today just because we deal with certain issues, which are not ours, in a foreign manner. Thank you.]