Sihlalo, Mongameli wezwe, sekela Mongameni, Nedlu ehloniphekile, uma sikhuluma ngobuntu Mongameli, ngesikhathi ukhuluma nabaBishobhi nabefundisi, bakubona kufanele yini ukuthi thina njengePhalamende sivumele izingane ezineminyaka eyishumi nambili ukuthi zihushule izisu na? Bakubona kufanele yini njengabantu abangamakholwa ahlukahlukene ngokwezinkolo - lapha kubalwa nathi basemakhaya esihlaba izimbuzi sifake iziphandla - okuyinkolo yethu leyo - ukuthi izingane zethu zingabiki konina nakoyise uma zifuna ukuyohushula izisu na? Ngabe umhlonishwa uMongameli yena wathini uma ekubona njengobaba wesizwe nobaba waseNingizimu Afrika - ukuthi sizokwazi yini ukuthi sibuyise ubuntu bethu njengabantu baseNingizimu Afrika? Ngiyabonga.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, lungu elihloniphekile Gatsheni. Hhayi, uwubuzile umbuzo wakho Gatsheni impela wawunonisa. Kodwa okubalulekile ukuthi ngenkathi sihlangene nabaholi bezenkolo asilukhulumanga lolo daba. Aluzange nje luze luphathwe. Ngaleyondlela asikho isidingo sokuthi ngiwuphendule umbuzo wakho ngoba aluzange impela lubikwe lolo daba. Kodwa ngiwuzwile wona impela umbuzo ukuthi ukhuluphele. Unjengenkomo ekhuluphele kodwa othi uma uyihlabile kuthiwe ayidliwa. Ngiyabonga. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Chairperson, President of the country, hon Deputy President and this august House, if we are speaking of ubuntu hon President, when you were speaking with the bishops and the ministers of religion, did they feel that it is correct for us as Parliament to make laws that allow children as young as 12 years to terminate a pregnancy? Did they feel that it is appropriate that as people of different religions - this includes us from the rural areas who are traditionalists who slaughter a goat for a traditional bracelet - which is our religion of course - that our children should not consult their mothers and fathers when they need to terminate a pregnancy? What did you say to them hon President, as the father of the nation and the father to this country South Africa, that will enable us to revive our ubuntu as the people of South Africa? Thank you.