Somlomo, Mongameli, Sekela Mongameli, neNdlu ehloniphekile, uMongameli ukhulume ngokuthi nePhalamende laseAfrika alinawo amandla. Wakhuluma nokuthi Umkhandlu Wezokuphepha nawo usuzame konke ukuthi lamazwe alapha e-Afrika akwazi ukuthobela umthetho.
Imibuzo yami mibili Mongameli: Okokuqala, kufuneka kwenziwe njani uma kunjalo; okwesibili, kwenziwa yini ngoba kwavunyelwana kuqalwa i-AU ukuthi kube khona ibutho elizokwazi ukuhlanganisa la mazwe ase-Afrika wonke; okwesithathu, kwahamba kwagcinaphi lokho Mongameli? Uma ungakwazi ukubuze kulo okululekayo khona ezokululeka kahle. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr V B NDLOVU: Speaker, President, Deputy President, and this august House, the President spoke about the fact that even the Pan-African Parliament does not have power. He also said that the UN Security Council has also tried everything so that these countries in Africa should abide by the law.
I have two questions, President: Firstly, how can it be done, if it is like that? Secondly, what is the cause, because it was agreed at the inception of the AU that there should be a peacekeeping force that would cover all these countries in Africa? Thirdly, how far did that go President? If you don't know, ask your adviser to advise you. [Laughter.]]