Order! Hon members, this is just to remind you that we are asking supplementary questions and not questions. There should be only one question per person.
UMONGAMELI WERIPHABHULIKHI YASENINGIZIMU AFRIKA: Somlomo, lungu elihloniphekile leNdlu yeSishayamthetho Kazwelonke, Gatsheni, sonke njengamalungu akule Ndlu siyingxenye yaleNdlu yeSishayamthetho sezwekazi lase-Afrika. Nathi sinelungelo lokuba sibe neqhaza esilibambayo ekwenzeleleni ukuthi lokho okwathathwa njengesinqumo kwenzeke njengoba wazi. Ngiyethemba ukuthi amalungu aleNdlu angamalungu aleliya phalamende ayazi ukuthi izinto zihamba kancane kangakanani maqondana nezindaba ezifana naleyo.
Luyaxoxwa udaba njengoba ngishilo, le Ndlu yeSishayamthetho kade kungeyokuthi iyacebisa nje kuphela, kodwa iyashintsha manje ukuthi ibe yiSishayamthetho, isizokwazi ukushaya imithetho. Kusho ukuthi amandla iyawathola manje ngoba sekufikiwe kuleso sinqumo, isizokwazi ukuthi ibe namandla aphelele okukwazi ukushaya umthetho ngendlela okufanele ngayo, ngokuhambisana nokuthi isishayamthetho sezwekazi lase-Afrika akusona isishayamthetho esinjengesishayamthetho sezwe, uyoba khona lowo mehluko. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[The PRESIDENT OF THE REPUBLIC: Speaker, hon member of the National Assembly, Gatsheni, all of us as members of this House, we are part of this Pan-African Parliament. We also have a right to lend a hand in making sure that the decisions taken are implemented, as you know. I hope that the Members of this House, who are members of that parliament, know how slow things are, concerning matters like that one.
This matter is being discussed as I have already said - this Pan-African Parliament was established to give advice only, but now it is changing from being an advisory Parliament, to one which will be able to pass legislation. This means that it is gaining power because that decision has been reached. It will be able to have complete power in order to pass legislation in the most befitting manner, which will be that of the Pan- African Parliament and not that of the National Assembly; that will be the difference. Thank you.]