Sihlalo, uNgqongqoshe uSokude asimbongele ukuthi cha, uyashaya impela futhi ushaya khona. Baze basho bathi banele impela. Ngqongqoshe Sokude ngifuna ukubuza lapha ukuthi uMnyango wakho ingabe ukhona yini okwenzayo ukufundisa imiphakathi ngezindaba zokulethwa kwezidingo? Nokuthi uyalibamba yini iqhaza kulokhu okufanele kwenziwe nguMnyango - ngoba kukhona okunye kufanele kwenziwe umasipala wasekhaya kuthi okunye kufanele kwenziwe umasipala wesifunda? Ikhona yini into eyenziwayo ukufundisa umphakathi ngezindaba zokulethwa kwezidingo nibambisene ninguhulumeni omkhulu, wesiFundazwe kanye nowaseKhaya na? Ngiyabonga sihlalo.
UNGQONGQOSHE KAHULUMENI WOKUBAMBISANA KANYE NEZINDABA ZEZENDABUKO: Baba Magadlela, engakusho ukuthi esikuthola eMnyangweni kunesakhiwo laphaya. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr D D GAMEDE: Chairperson, let us be grateful for the hon Minister Sokude because he is very impressive. People have even said that they are really impressed. Hon Minister Sokude, I just want to hear from you whether there is anything that your department does to educate communities about issues of service delivery? And whether it plays a role in delivering services which need its expertise - as there are some services which are the responsibility of local government while others fall under the jurisdiction of a district municipality? Are you doing anything to educate communities about co-operation with regard to service delivery amongst yourselves as national government, provincial government and local government? Thank you, Chairperson.