Hon Magadlela, what I said was that whatever we receive in the department has a structure.]
There is an academy for local government. It is called the Local Government Leadership Academy, Logola. That is a shell academy ...
... ngoba baba ayisebenzi leyanto leya. Sifuna ukuyivusa ke manje siyimise ngezinyawo sizokwazi ukufundisa abantu ngezindaba zombuso, hhayi kuphela baba ngentuthuko yomphakathi kodwa sifuna ukufundisa nje abantu bazi ngezigaba ezahlukene zomasipala nang ezigaba ezahlukene zohulumeni abakhona kuleli lizwe lakithi - uhulumeni omkhulu, owesiFundazwe kanye nabaseKhaya; nokuthi ingabe basebenza kanjani. Ukuthi ini yenziwa ubani, kuphi ngoba uma sibona abantu bebhikisha, babhikishela uhulumeni waseKhaya ngoba useduze nabo. Uthola ukuthi ngesinye isikhathi bafuna izidingo ezinganikezwa uhulumeni wasekhaya - njengezindlu nje kanye nokunye okungaqondene nohulumeni wasekhaya. Yingakho-ke ngithanda ukufundisa umphakathi ngalezi zigaba zohulumeni, kanti futhi yinto ebesizitshele ukuthi sizoyenza leyo.
Abanye abantu okudingeka sibafundise ngamakhansela. Si kholwa wukuthi amakhansela nawo adinga ukuqeqeshwa ngoba uthola ukuthi ubukade ungumuntu nje womphakathi kuthi ngakusasa uzibone usuyimeya. Awunalwazi lokuthi kufuneka wenzeni futhi kwesinye isikhathi ucabange ukuthi ukuba yimeya wenza izinto ngendlela othanda ngayo kube sengathi uphethe isiphaza shop. Siyitholile imibiko enjalo kwezinye izindawo - ukuthi uMeya uvele atshele izisebenzi zikahulumeni ukuthi zenze ukuthi nokuthi ngoba efuna ukwenza i- party lapha nenye laphaya. Akazi ukuthi kunento okudingeka yenziwe ukulandela umthetho kuhulumeni basekhaya.
Futhi sifuna nokuqeqesha amakomidi amawadi akhona kanye nama-CTWU. Ngikhuluma nawe nje baba Magadlela sizoqala uchungachunge lokuvakashela izifundazwe sihamba nozakwethu umhlonishwa ubaba uBaloyi . Siyaqala ngeSonto, sizoqala khona lapha eNtshonalnga Kapa, sizobakulendawo izinsuku ezintathu, iSonto, u Msobuluko kanye noLwesibili. Sizobe sihamba noMphenyi Mabhuku Omkhulu kusho ukuthi kuzobe kuyikalishi (Troika) ezobe ihamba lendawo. Sizohlangana ne Khabinethi yesifundazwe sihlangane nama-CTWU sihlangane namakomidi amawodi wonke, namakhosi uma ekhona. Kanti ngizwile ukuthi ubaba uManuel naye kuthiwa yinkosi yamaKhoisan la ekhaya. Naye uzoba yingxenye yaleli thimba simbizele ukuthi azoba yinkosi ekhona.
Sizobe sesihlangana futhi nawo wonke amakhansela akhona esiFundazweni ukuze sixoxe nawo. Yikho esiyokwenza kulolu chungechunge - ukuthi yini abantu abacabanga ukuthi yenziwe ukwenza ngcono ohulumeni basemakhaya. Ngaleyo ndlela-ke Magadlela sithi: cha, baba isilingene, ingangathi ngakho-ke siyobhekana nayo ngqo! Siyinkanka la inamandla ngakhona. Siyibamba ngezimpondo lapho inamandla khona. Ngiyabonga baba. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... because that thing is not working, sir. We now want to get it on its feet so that we can educate people about governance and not only about community development. We also want to educate people about the different levels of municipalities as well as the different levels of government that obtain in our country - national government, provincial government and local government; and the way they function. We want to educate people in respect of which sphere of government does what and where, because when we see people protesting, they protest against the local government because it is closer to them.
You find that sometimes they demand services that are not rendered by local government - services like housing and others which are not the municipalities' responsibility. That is why I would like to educate the communities about these levels of government, and that is what we have planned to do.
Councillors also need training, because you find that today you are just an ordinary community member and then the next day you are a mayor. You do not have a clue about what is expected of you and sometimes you think that being a mayor warrants you doing as you please as if you are running your spaza shop. We received such reports from some areas - that a mayor just instructed public servants to do this and that just because he wanted to host a party here and another one somewhere else. He is not aware that there are some processes and procedures that need to be followed in accordance with the Local Government act.
We also want to train the existing ward committees and the CTWUs as well. As I am speaking to you now, hon Magadlela, my colleague hon Baloyi and I will be making a series of visits to the provinces. We will be starting on Sunday, and we will start here in the Western Cape. We will be here for three days, from Sunday to Tuesday. The Auditor-General will also be with us and this means that this place will be visited by the troika. We will meet the Cabinet of the provincial legislature, the CTWUs, all the ward committees and Amakhosi if there are any here. And I heard that hon Manuel is also an Inkosi of the Khoisan people here. He will also be a part of this entourage - we asked him to be an existing Inkosi.
We will also meet with all the councillors from the province to discuss some issues with them. That is what we are going to do during this series of visits - to find out what people think must be done to improve the standard of service delivery from local governments. In that way, hon Magadlela, we are saying that: yes sir, we are equal to the task. We will, therefore, tackle it head on! We attack its stronghold. Thank you, sir.]