Ngiyabonga Sihlalo. Cha, ngifuna ukuveza izinto ezimbili ezimqoka.
Eyokuqala,izibhedlela lapho amasosha elashwa khona azizinhle neze. Okwesibili, izimoto abazisebenzisayo azivumelani nempilo yazo ukuthi zikwazi ukuqhubeka ngakho-ke izimpahla nezinto abazisebenzisayo njengamasosha alapha eNingizimu Afrika akufuneki zibukelwe phansi. Ngakho- ke kufuneka ngaso sonke isikhathi ahlonishwe emsebenzini awenzayo.
Okokugcina, yilaba ababekwe emazweni angaphandle. Kufuneka ngaso sonke isikhathi sibabhekelele ezimalini abazikhokhelwayo nangedlela abaphila ngayo ngaphandle ngoba impilo yangaphandle ayifani neyasekhaya. Ngiyathokoza kakhulu. (Translation of isiZulu declaration of vote follows.)
[Mr V B NDLOVU: Thank you, Chairperson. I just want to highlight two important issues.
The first one is that the hospitals where soldiers are treated are not in good condition. Secondly, the vehicles they use are also not roadworthy; therefore, the implements and the tools that the South African soldiers use should not be looked down upon. It is therefore appropriate that the work that they do should always be respected.
The last issue is with regard to those who are deployed in foreign countries. We should always consider the way they are remunerated and their living conditions in those countries because those conditions are not the same as the ones at home. Thank you very much.]