Sisasho kuthi ke siyakwemukela lokhu Somlomo siqonde ukuthi izwe lakithi lisathuthuka. Uyadingeka umhlaba, ziyadingeka izibhedlela nezikole nemitholampilo nakho konke, zonke lezi zinto kufanele zenziwe ezweni lakithi sakhile. Ukwakha indaba yomsebenzi kufanele siyiqhathanise nendaba yokudala amathuba emisebenzi ukuze abantu bakithi basizakale.